Uncategorised

KUBUYISELWE ABAYI-926 EMOZAMBIQUE IZOLO

BANGAMA-926 abaseMozambique abalale emakhaya izolo. ISITHOMBE: SITHUNYELWE

NOMCEBO NGEMA

IBORDER Management Authority (BMA) ithi bangama-926 abantu baseMozambique ebebekuleli ababuyiselwe ezweni labo mhla ziyi-3 kuNhlangulana besebenzisa iLebombo Port of Entry.

Ngokwesitatimende sabakwaBMA bathi bangama-933 abantu baseMozambique ebebehlelelwe ukuthi bahambe babuyele ezweni labo. Abangama-349 bebevela eLindela Holding Facility, ngaphansi kohlelo loMnyango Wezasekhaya lokudingisa abantu abaseNingizimu Afrika ngokungemthetho. Abanye abangama-584 bona basuswe eMossel Bay ngosizo lweKhomishini ePhakeme yaseMozambique.

Abakwa-BMA baqhube bathi bonke labantu badlule ezinhlelweni zokuhlolwa kwezokufuduka, okubalwa ukuqinisekiswa kobuzwe babo kanye nokuhlolwa kweminwe nezimpawu zomzimba (biometric screening).

“Siphinde sabheka abantu abangenawo amaphepha afanele, ukuqinisekiswa kwesimo sabo sokufuduka kanye nabayi-17 abatholakale behlale isikhathi eside kunesivunyelwe ngokwama-visa abo. Kulaba abahambile kukhona nezingane ezingama-38 ezingaphansi kweminyaka eyi-18, uMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi uqinisekisile ukuthi zonke izinqubo ezithinta izingane ziyalandelwa. Bebengama-933 abantu ebebehlelelwe ukuwela umngcele, abangama-926 kuphela abagcine bebuyiselwe eMozambique. Abanye abayisi-7 abavunyelwanga ukuhamba ngenxa yezinkinga ezihlobene namaphepha abo, okubalwa ukuqinisekiswa kobuzwe babo, isimo sabo sokufuduka kanye nezindaba zokuvikelwa kwezingane,” kuchaza abakwa-BMA kwisitatimende.