Uncategorised

KUNCONYWA I-SASA NGOKUKHIQIZA AMAKHONO AYIVELA KANCANE KULELI

UDKT Nomusa Dube-Ncube obeyisikhulumi esiqavile kuthweswa abafundi iziqu.

INGXENYE yabafundi abathweswe iziqu namuhla kwimikhakha ehlukene. IZITHOMBE: DHE

NOMCEBO NGEMA

UCHONYWE uphaphe lwegwalagwala iSouth African Sugar Association (SASA), ngokukhiqiza amakhono angajwayekile nayinyama kumathuba emisebenzi Lezi zincomo zenziweiPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme kuzwelonke uDkt Nomusa Dube-Mncube, ngesikhathi iSASA ithwesa iziqu abafundi abangama-250 kwimikhakha eyehlukene ngaphansi kohlelo iShukela Training Centre’s (STC) namuhla, eGrace Family Church eMhlanga.

UDkt Dube-Ncube uthi kuqeqeshwa kakhulu abantu abasha ngamakhono. “Into emnandi, nenhle ukuthi baqeqeshwa ngamakhono abalulekile kakhulu, esiwabiza ngokuthi ayivela kancane eNingizumu Afrika, okubalwa oboilermaker, turning, welding, electrician, engineering namanye amaningi. Lawa makhono nathi njengomnyango siyazama ukuthi siwaphushe njengoba sisebenzisana neShukela Training Centre. Kuyasijabulisa ukuthi lezi zinombolo esikhuluma ngazo ukuthi kuthi kushaya u2030 kufanele sibe nama- artisan ayisibalo esithile, kodwa asikwazi ukuzenzela sodwa ngoba asinazo izikole ezikwazi ukukhiqiza ama-artisan ayileso sibalo. Uqeqesho olufana nalolu lwakaShukela lusinika ithemba lokuthi sizokwazi ukuphumelela ukuthi sibe nama- artisan adingekayo. Ama-artisan iwona abamba umnotho aphinde awenze ukuthi ukhule ngokuvula amathuba emisebenzi, nokuthi abantu bavule izinkampani zabo,” kusho uDkt Dube-Ncube.

Uqhube wathi uma abafundi sebethole uqeqesho olufana nalolu olubafundisa amakhono, kusuke sekukubona ukuthi bazikhethele ukuthi baya ezinkampanini beyosebenza okanye bazivulele amabhizinisi abo. Uthi bayaye babakhuthaze ukuthi nakuba besebenza ezinkampanini kodwa ngezimpelasonto abenze awabo amabhizinisi eceleni ukuze uma livuthwa ibhizinisi baphume enkampanini baqhubeke nebhizinisi.