ANYELWE INYONI ESANDLENI AMAKHOSI ASENDLUNKULU E-KZN

YIZO lezi izimoto zakwanokusho ezinikwe amakhosi aseNdlunkulu.

UNGQONGQOSHE uMfundisi Thulasizwe Buthelezi. IZITHOMBE: KZNCOGTA
NOMCEBO NGEMA
ANYELWE inyoni esandleni amakhosi aseNdlunkulu, ngesikhathi uMnyango weZokubusa Ngokubambisana neZindaba zoMdabu KwaZulu-Natal, oholwa uNgqongqoshe uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ubagixabeza ngezimoto ezintsha sha.
UNgqongqpshe uButhelezi uthi lezimoto zizokwenza umsebenzi wamakhosi ube lula ikakhulukazi ekusebenzeni nomphakathi, nasekuqinisekiseni ukuthi izinsiza zikahulumeni zifinyelela kubantu ngesikhathi. Uthi amakhosi azofinyelele noma ikuphi lapho kudingeka khona ukuze kusizakale abantu bawo, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya lapho imigwaqo ingemihle.
