ABAHOLI BE-DA BATUSA UBUHOLI BUKA-PAPPAS EMNGENI

ABAHOLI beDA bashayele ihlombe Chris Pappas ngokusebenza ngokuthembeka. kusukela ngakwesokunxele uMholi weDA KwaZulu-Natal uSithembiso Ngema, uSihlalo kuzwelonke uSolly Msimanga neMeya yaseMngeni uCllr Chris Pappas. ISITHOMBE: LINDELWA MAGWAZA
LINDELWA MAGWAZA
USIHLALO we-Democratic Alliance (DA) kuzwelonke uSolly Msimanga, ushayele ihlombe ubuholi beMeya kaMasipala waseMngeni uCllr Chris Pappas, ngendlela awuphethe ngayo lo Masipala, namuhla eMpophomeni Sports Ground. Leli qembu beliphakamisa ilunga lalo elizofolosa ngalo kwesobuMeya njengoba selusemome ukhetho lohulumeni basekhaya.
Kulomhlangano kubuyiselwe yena uCllr Pappas ngo- “ELETHU” kwesobuMeya yaseMngeni. UMsimanga uncome indlela uMasipala waseMngeni ophethwe ngayo, wathi uyisibonelo esihle sokuphatha ngendlela efanele futhi enobuqotho. “I-DA iyisibonelo esihle sokuphatha ngendlela efanele iNingizimu Afrika. Ezindaweni eziningi sibona izigidi zemali zisetshenziswa kodwa umphakathi ungaboni ukuthi ziye kuphi. Abantu basahlupheka abanawo ugesi, amanzi, izindlu, imigwaqo nezinye izidingo eziyisisekelo. Sidinga abaholi ababeka izidingo zomphakathi kuqala, hhayi laba abazibhekelela bona,” kusho uMsimanga.
Izihambeli zalomcimbi zithe zinethemba lokuthi uzoqhubeka nokuletha izinguquko, nokuthuthukisa izinga lezinsiza emphakathini waseMngeni njengoba ebenza kwihlandla lokuqala.UMholi we-DA KwaZulu-Natal uSithembiso Ngema, amalunga e-DA bebekhona ukuzozibonela, kuqopheka umlando. Amalunga omphakathi ebephume ngobuningi bawo njengoba nawo ebemthwele ngeqoma uCllr uPappas.
