Politiki

UNTULI UBONGELA UMKHWANAZI NGOMACEKECEKE WESIKHUNDLA KUZWELONKE

UNDUNANKULU waKwazulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli ebongela uMkhuzi waMaphoyisa esifundazweni uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ngesikhundla aqokelwe sona. ISITHOMBE: ZANDILE SHANGE

NOMCEBO NGEMA

UNDUNANKULU waKwazulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ubongele uLt General Nhlanhla Mkhwanazi ngesikhundla esisha aqokelwe sona, sokuhola umkhankaso wokulwa nobugebengu obuhleliwe ezweni lonke. UNdunankulu uNtuli ukusho lokhu namuhla, ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni isikhungo samaphoyisa sokuhlonza ubufakazi (saps forensic laboratory), eMayville eThekwini.

“Ngiyakubongela kakhulu, hhayi ngokuvuselelwa kwenkontileka yakho kuphela kodwa nokuqokelwa kwisikhundla esisha sokuhola umkhankaso wokulwa nobugebengu obuhleliwe eNingizimu Afrika,” kusho uNdunankulu uNtuli.