Uncategorised

IBANYANA IKULUNGELE UKUBHEKANA NE-MOROCCO KOWE-WAFCON

UGABRIELA Moodaly-Salgado uthe iqembu selikulungele ngokomqondo ukubhekana neMorocco, emdlalweni obalulekile we-Women’s Africa Cup of Nations.ISITHOMBE: SAFA

MALIBONGWE MAZIBUKO

UMDLALI wasesiswini weBanyana Banyana uGabriela Moodaly-Salgado, uveze ukuthi iqembu selikulungele ngokugcwele ukubhekana nezwe elisingethe lo mqhudelwano, iMorocco, emdlalweni we-quarterfinal we-Women’s Africa Cup of Nations ka-2026.

IBanyana Banyana izibekele indawo kulesi sigaba , ngemuva kokunqoba iBurkina Faso ngo 1-0 emdlalweni wokugcina wamaqoqo Casablanca. Igoli eliweze leli qembu eliphekwa nguDesiree Ellis, lishaywe nguThembi Kgatlana. UMoodaly-Salgado uthe bayazi ukuthi lo mdlalo ubaluleke kangakanani, futhi sebekulungele ukubhekana nawo.“Besazi ukuthi kufanele siwunqobe umdlalo wethu wokugcina wesigaba samaqoqo. Siyajabula ngokungena kulo mqhudelwano futhi sesibheke ngabomvu ukubhekana neMorocco. Siyakwazi okusemqoka kulo mdlalo, sizilungiselele ngakho konke nangokomqondo. Osekusele wukungena enkundleni sinikele ngakho konke esinakho,” kusho uMoodaly-Salgado.

Lo mdlali ugubhe ukudlalela iBanyana Banyana amahlandla ayi-50, ngesikhathi bebhekene neBurkina Faso, wathi lokhu kuyisibusiso esikhulu empilweni yakhe yebhola.“Uhambo lwami alubanga lula. Ngibonga uNkulunkulu, umndeni wami nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika, abaqhubeka nokungeseka mina neqembu lonke. Lokho kunginika amandla okuqhubeka nokusebenza kanzima,” esho.Umdlalo uzoba ngoMgqibelo ngo-10 ebusuku ngesikhathi saseNingizimu Afrika, iqembu elizonqoba lizodlulela kowandulela owamanqamu futhi liqinisekise indawo kwiNdebe yoMhlaba yabesifazane yeFifa ka-2027 eBrazil.