Uncategorised

LUPHENYWA I-PKTT ELOKUBULAWA KWEKHANSELA E-KLAARWATER

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli, noMajor General Phumelele Makoba beyohlanganisa amehlo nomndeni wakaKhwela.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli eduduza amalunga omndeni wakaKhwela. IZITHOMBE: ZANDILE SHANGE

NOMCEBO NGEMA

LIDLULISELWE kuPhiko lwe-Political Killings Task Team (PKTT), icala lokubulawa kukaCllr Sibusiso Khwela waku-ward 17, eKlaarwater, owadutshulwa wabulawa ehhovisi lakhe ngoLwesine. UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, ukuveze lokhu namuhla ngoLwesibili, ngesikhathi eyoduduza amalunga omndeni wakaKhwela.

UNdunankulu uNtuli uthe njengoba leli cala selidluliselwe kuPhiko lwe-PKTT, unethemba lokuthi bazotholakala abenzi bokubi. “Lesi sigameko senzeke ngesikhathi lapho silungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya, okwenza kube nokwesaba ukuthi lolu khetho luzoba olungaphephile, uma kwenzeka izigameko ezishaqisayo. Sinezingxoxo zokuthi sibe nomhlangano namanye amaqembu ezepolitiki, ukuze wonke umuntu kube khona indima ayiklamayo ukuletha uxolo, nozinzo esifundazweni saKwaZulu-Natal ngalesi sikhathi. Lesi isikhathi sokuthi kukhethwe abaholi, akusona isikhathi sokulwa kulwelwe izikhundla. Abantu kuzofanele bayimukele imiphumela yokhetho injengoba injalo, uma sekubaliwe kwaqedwa ngoba asikho isidingo sokuthi kubulawane,” kusho uNdunankulu uMnuz uNtuli.

Uqhube wathi okwamanje ayikaziwa imbangela yokubulawa kukaCllr uKhwela, noma inenhlese yepolitiki, kodwa bakhathazekile ngoba kusukela ngonyaka ka-2021, kukhetho lohulumeni basekhaya balahlekelwa cishe amakhansela ayi-18 esifundazweni saKwaZulu-Natal. Uthe indawo eyisidleke kakhulu salezigameko iseThekwini okuyilakho okwabulawa khona amakhansela amaningi.

“Akuwona kuphela amakhansela aba izisulu zokubulawa, kodwa nabasebenzi bakahulumeni bayabulawa. Kufanele sisebenzisane nazo zonke izinhlaka zokuphepha. UNdunankulu uMnuz uNtuli ubephelezelwe obambe njengoMkhuzi waMaphoyisa KwaZulu-Natal uMajor General Phumelele Makhoba, uMfundisi Selvan Govender, izikhulu zikahulumeni namalunga e-Inkatha Freedom Party (IFP).