Uncategorised

KUGXEKWA EYOKUBULAWA KWEKHANSELA E-KLAARWATER

UCLLR Sibusiso KHWELA odutshulwe wabulawa ehhovisi eKlaarwater.

UNGQONGQOSHE uMfu Thulasizwe Buthelezi, udlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaKhwela.ISITHOMBE: KZNCOGTA

LINDELWA MAGWAZA

KUGXEKWA yokubulawa kwekhansela laseKlaarwater, uCllr Sibusiso Khwela, obulawe esebenza ehhovisi lakhe kuthangi. UNgqongqoshe woMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ugxeka isigameko sokudutshulwa kubulawe ikhansela lika-ward-17 kuMasipala waseTheku, uCllr Sibusiso Khwela, ngesikhathi esemsebenzini ehhovisi lakhe.

UButhelezi udlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaKhwela, abangani, ozakwabo nakubo bonke ebebesebenza noCllr Khwela. Uthe lesi sigameko siyadabukisa futhi siyingozi embusweni wentando yeningi, njengoba senzeka ngesikhathi izwe lilungiselela ukhetho lohulumeni basekhaya.

“Siphatheke kabi ngokubulawa kukaCllr Sibusiso Khwela, ngesikhathi enza umsebenzi wakhe wokusebenzela umphakathi. Lesi senzo sobugebengu sihlose ukudala ukwesaba nokuphazamisa imiphakathi njengoba kusondela ukhetho lohulumeni basekhaya,” kusho uButhelezi.Uqhube wathi izigameko zokuhlaselwa nokubulawa kwabaholi bomphakathi angeke zivunyelwe.

Unxusa amaphoyisa ukuthi asebenze ngokuzikhandla ukuze abenzi bokubi bezojeza. “Sicela noma ngubani onolwazi olungaholela ekuboshweni kwabasolwa, ukuthi basebenzisane namaphoyisa aseNingizimu Afrika ukuze umndeni wakwaKhwela uthole ubulungiswa. Abenzi bokubi kufanele babhekane nengalo yomthetho,” kuphetha uButhelezi.