
BADEDELWE NGEBHEYILI ABABILI BE-MARCH AND MARCH

.
ABEBEZOSEKA amalungu eMarch and March.IZITHOMBE: AYANDA PHOSWA
AKHONA DLAMINI
IBIBAMBANE phansi kungekho efuna ukugoba uphondo, ngesikhathi kulalelwe izicelo sebheyili zamalungu eMarch and March, okubalwa uSiphelele “Magolide” Shinga, uWandile Nsibande noMalizo Dzanibe, ababoshwae ngoMgqibelo kulandela imibhikisho enodlame eThekwini, eshiye kushe izimoto eziyi-14 namabhilidi amabili.
UMagolide noDzanibe badedelwe ngebheyili yemali eyi-R1 000 umuntu ngamunye, ngaphansi kwemigomo ehlanganisa ukungazibandakanyi emamashini nokungachukuluzi noma ukusabisa abasebenzi boMnyango wezaseKhaya nabokufika.Ngemuva kokudedelwa kwakhe, uMagolide ubonge uJacinta ngokubasiza bathole inkululeko, wanxusa abantu ukuthi babumbane ekulweleni izwe labo.
“Konke lokhu kwenzeka ngoba umuntu wesifazane wasukuma walwela izwe lakhe. Bengicela sonke sibumbane sifane nenyanga silwe, kungakhathalekile ukuthi unguMzulu, uMpedi noma uMndebele, kodwa asilweni sonke,” esho.Icala lisaqhubeka njengoba kusalindwe isinqumo ngesicelo sebheyili sikaNsibande.
