SIKHUPHUKILE ISIBALO SABESIFAZANE ABAQHOQHOBELE IZIKHUNDLA EZIPHEZULU E-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli encoma abantu besifazane abaphethe ezikhundleni eziphezulu. ISITHOMBE: SITHUNYELWE
NOMCEBO NGEMA
BANGAPHEZU kuka-50% abantu besifazane abaqhoqhobele izikhundla eziphezulu kuhulumeni waKwaZulu-Natal. Lokhu kuvezwe uNdunankulu uMnuz Thamsanqa Ntuli, ngesikhathi ethula inkulumo yosuku emcimbini wokugubha usuku lwabantu besifazane ngeSonto, eJeffrey Zungu Sports Ground, eXobho.
UNdunankulu uthe ngesikhathi ethula umbiko kwiPhalamende labesifazane, wakuveza ukuthi eminyangweni eminingi kahulumeni, abantu abasezikhundleni eziphezulu abantu besifazane.
“IPhini likaSomlomo eSishayamthetho KwaZulu-Natal uMmabatho Tembe usiphethe sonke singamadoda, uSomlomo uNontembeko Boyce. USihlalo woSihlalo eSishayamthetho uNkk Bongi Sithole-Moloi osanda kuqokwa ungumuntu wesifazane, oNgqongqoshe abaningi ngabantu besifazane. UNksz Nokuthula Khanyile oqhoqhobele sokuba nguDirector General ehhovisi likaNdunankulu. Lokhu kusho ukuthi abantu besifazane balungisa ikusasa laleli lizwe,” kusho uNdunankulu uNtuli.
Uqhube wathi ubonile nangesikhathi amaqembu ezepolitiki ephakamisa abantu abazofolosa ngabo ezikhundleni zamakhansela, ukuthi baningi abesifazane abaphakanyisiwe. “Lokhu kusho ukuthi abantu besifazane njengamanje abasahlali balindele ukukhangezwa kodwa ibona esebengabaholi. Kunikeze abantu besifazane ithemba lokuthi nabo bengaba utho kusasa. Nakuba ikhona inkinga yokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, kodwa ngalolu hlelo lweSilwa Nesihlava sizoyinqoba iGBV. Sibethulela isigqoko abesifazane bangonyaka ka-1956, abakwazi ukuhlangana balwe nohulumeni wobandlululo,” kuphetha uNdunankulu uNtuli.
