
UBE YIMPUMELELO OWE-GALLERIA POP-UP MARKET

.UHLELO oluhlose ukuhlomulisa abanamakhono.
IZITHOMBE: ETHEKWINI MUNICIPALITY
AKHONA DLAMINI
AMABHIZINISI akhele idolobha iTheku angaphezu kuka-25, athole ithuba lokukhangisa nokudayisa imikhiqizo yawo ohlelweni olubizwa ngeGalleria Heritage Pop-Up Market, oluvulwe ngoLwesibili, eGalleria Mall eManzimtoti.
NgaLolu hlelo kuhloswe ukuhlanganisa abasunguli bemikhiqizo nabathengi, luphinde lunikeze amabhizinisi endawo amathuba okuthola amakhasimende, ikakhulukazi avela emazweni angaphandle.
Ngonyaka odlule, amabhizinisi angama-21 ayebambe iqhaza kule makethe, athengisa imikhiqizo engaphezu kwemali ebalelwa ku-R272 546, aphinde athola amakhasimende amasha, ama-oda nokuxhumana namanye amabhizinisi.
USihlalo weKomidi le-Economic Development and Planning kuMasipala weTheku, uCllr Thembo Ntuli, uthe lolu hlelo lubaluleke kakhulu ikakhulukazi ekunikezeni amabhizinisi asafufusa izindawo lapho okuzoba lula khona ukuthola amakhasimende.
“Ukusebenzisana phakathi kukaMasipala neGalleria Mall kunikeze osomabhizinisi abasakhula ithuba lokungena endaweni entsha ceke, ngaphandle kokukhathazeka ngezindleko zendawo yokudayisa, bathole nethuba lokwakha ubudlelwano namakhasimende futhi bakhulise amabhizinisi abo,” kubeka uNtuli.
Uqhube wathi amakhasimende azokwazi ukuthenga imikhiqizo eyenziwe ngezandla okubalwa kuyo ubucwebe, izingubo zesintu, imihlobiso yasekhaya, izipho, izimpahla zesikhumba, ubuhlalu, obhasikidi abalukiwe, izikhwama nezicathulo.
