IVUSE UMUNYU INCWADI YENGODUSO YE-NKOSI YAMAGCOKAMA

INGODUSO kaScebi uNksz Mbali Mthembu. ISITHOMBE :FACEBOOK

USCEBI ‘Inkosi Yamagcokama’ Dlamini, esendlini yakhe yokugcina . ISITHOMBE: UMUSA MEDIA

IZINGANE zikaScebi Dlamini: ISITHOMBE:FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
KUVUKE umunyu ngesikhathi kufundwa incwadi ebibhalwe uNksz Mbali Mthembu, obeyingoduso kaScebi Dlamini owaziwa ngeNkosi Yamagcokama emculweni kamaskandi, emngcwabeni obusenkundleni zemidlalo eMzisho, eMsinga ngoMgqibelo.
Le ncwadi ebibhalwe uMaMthembu evalelisa kumyeni wakhe, ithinte abaningi ngenxa yokudabukisa nokujula kwayo.
“Wangishiya baba kaS’bahle, wangishiya nezingane zethu. Ngiyababona bonke ozakwenu baphelele kodwa wena awukho, kushukuthi akulona iphupho uhambe ngempela. Ungishiya nobani njengoba wazi ukuthi angisenamama futhi angisenababa, kodwa uwena obuyithemba lami. Ungakhele isithabathaba somuzi myeni wami, wasuka lapho wangishiya naso. Ngiyazi kodwa ukuthi njengoba uhambe kuqala kunami ungithembile. Lala kahle Dlamini, Sibalukhulu,” kusho incwadi.
