Uncategorised

IZINSOLO ZOKUKHOKHELWA KUKA-PHAKELUMTHAKATHI UMENGAMELI

UMLUNGISI kaMancinza onguMholi we-LACO.

UPHAKEL’MTHAKATHI osolwa ngokumukela isamba semali kuMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa. IZITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

ZISHAQISE abaningi izinsolo ezenziwe uMholi we-Labour And Civic Organization (LACO), uMlungisi iNkinga kaMancinza, ngomhlangano owawuphakathi kukaMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa, uPhakel’mthakathi kanye noNgizwe Mchunu mhla zingama-29 kuNhlangulana ebusuku, njengoba eveze ukuthi uPhakelumthakathi ogama lakhe langempela uNkosikhona Ndabandaba ukhokhelwe, kusho namuhla bukhoma ekhasini lakhe ku-Facebook.

UMlungisi uveze ukuthi kunezinsolo zokuthi uPhakel’mthakathi noNgizwe bathenjiswa imali ewu-R3 million, uthi kodwa kwathiwa bazonikwa R1.5 million kuqala mase bethola omunye uR1.5 million, ngemuva kwesithangami sabezindaba esabizwa uPhakel’mthakathi, eWorkshop. “Uma kuwukuthi iqiniso ukuthi bathola le mali uNgizwe noPhakelumthakathi, ngesandla sika-Bejani Chauke kusho ukuthi abalenzanga iqiniso ngoba bekumele batshele abantu ukuthi kunemali abayithola.Ngiyafisa ukuthi bahlangane bonke ababandakanyeka kulendaba ethinta ukulwisana nabokufika ukuze sixoxe kubonakale ukuthi kwenziwa njani ngoba umzabalazo usaqhubeka,” kusho uMlungisi.

UPhakel’mthakathi uphawule wathi, “Kulungile ngakwelami icala ngithi uMvelikuqala ukhona futhi akalenzi iphutha amanga anemilenze emifushane futhi iqiniso kwabalithandayo. Onobufakazi akabuveze,” kusho uPhakel’mthakathi. Ihhovisi likaMengameli noNgizwe Mchunu bebengakaphawuli ngalolu daba.