
UNQAMLAJUQU WOSUKU LOKUXOSHA ABOKUFIKA KULELI NGO-SEPTEMBER
ABAHOLI nabalandeli beMarch and March, sebememezele usuku lomnqamlajuqu lokuxosha abokufika abakuleli ngokungekho emthethweni. eThekwini ngenkathi kuqhubeka ingqungquthela ye SADC. ISITHOMBE FACEBOOK
OWAMI THABETHE
SEKUMENYEZELWE umhlaka 30 kuMandulo 2026, njengosuku oluwumnqamlajuqu lokuthi lushaye abokufika abakuleli ngokungekho emthethweni sebehambile.
Lokhu kumenyezelwe uJacinta Ngobese, ongumsunguli weMarch and March, ngesikhathi bemasha ngoMsombuluko, kuneSADC, eDurban International Convention Centre (ICC), lapho bekuhlangene khona abaholi bamazwe anguayi-16, bezoxoxa ngokubambisana ezindabeni ezifana nokuhweba, ukuphepha nokufuduka kwabantu.
UJacinta uthe kumele bonke abangenazo izimvume zokuba kuleli, bahambe ngaphambi komhla-30 kuMandulo. “Sikhethe le ngqungquthela ngoba ihlanganisa abaholi bamazwe. Kwenza kube yisikhathi esihle sokuthi kunakwe izidingo zabantu nokugcizela ngenqubomgomo yokukuhamba kwabantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi zokuba kuleli,” kubeka uJacinta.Ucele abaholi base-Afrika ukuthi balungiselele ukuxoshwa kwabantu bakwamanye amazwe, abakuleli ngokungemthetho.
