
UMOKWENA UVUKWE UHLEVANA ESOLA NGOKUCWASWA
NOBUHLE MLABA
UMQEQESHI waseNingizimu Afrika weWydad Athletic uRulani Mokwena ukahle ngokucwaswa eMorocco ngemuva komdlalo wezakhe ne-IR Tanger. Lo mdlalo we Botola Pro League uphele ngeqanda ngapha nangapha (draw).
Kusile esinamathambo amabhentshi amaqembu womabili efuna ukubambana ngezihluthu njengoba umdlalo ubushubile enkundleni.
Ekhuluma nalezindaba ngemuva komdlalo uMokwena akakufihlanga ukungenami njengoba ethi ucwasiwe.
“Okungicika kakhulu ukuthi laba ebesidlala nabo bangijikijele ngamazwi okucwasa.
“Ngokwami angisukanga eNingizimu Afrika ukuthi ngizocwaswa.
“Ayilungile neze lento,” kusho uMokwena. Lo mqeqeshi uqashwe iWydad ngenhloso yokuyivusa kwazise yehlelwe izinga yize ibalwa nabanye amaqembu amakhulu eMorocco.
Uthwelwe ngeqoma ngenxa yamagalelo akhe kwiMamelodi Sundowns lapho enqobe khona izicoco ezinjenge-CAF Champions League, CAF Super Cup esayiphini lomqeqeshi uPitso Mosimane nenqwaba yezicoco zePremiership eseyinhloko yabaqeqeshi kwiSundowns.
newsroom@umusamedia.co.za
