UMASIPALA WETHEKU NOHLELO LOKUKHUCULULA KWAMASHU

KUZOKHUCULULWA elokishini KwaMashu kusasa ngoLwesibili. Lesi isithombe zangonyaka owedlule. ISITHOMBE: FACEBOOK
AKHONA DLAMINI
UMASIPALA weTheku uzokwethula ngokusemthethweni inyanga yokukhuculula phecelezi iClean up Month , mhla lulunye kuMandulo 2026. Lolu hlelo luzokuba KwaMashu Community Hall, kuSibisi Road, L Section, kusukela ngehora lesi-08h00.
Ngokusho okhulumela uMasipala weTheku uMnuz Senzo Mzila, uthi lolu hlelo luhlose ukukhuthaza ukunakekelwa kwemvelo, ukulahlwa ngendlela efanele kwemfucuza kanye nokusebenzisana komphakathi ekugcineni izindawo abahlala kuzo zihlanzekile.
Uveze ukuthi kuzoba nemikhankaso eyahlukene yokuhlanza ezindaweni ezahlukene eThekwini, ngenhloso yokwakha idolobha elihlanzekile, elinempilo nelisimeme.Bakhuthaze amalungu omphakathi ukuthi abambe iqhaza ngokuhlela eyawo imikhankaso yokuhlanza noma ajoyine leyo ezobe isivele ihleliwe.
