UMKHWANAZI UKHATHAZEKE NGAMAPHOYISA AYIZIGEBENGU

UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi.
NOMCEBO NGEMA
UKHOMISHANA wamaphoyisa KwaZulu-Natal uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi, ugonyuluke ngokukhathazeka kokwanda kwamaphoyisa akhohlakele, angene agamanxa ebugebegwini aKwaZulu-Natal.
UMkhwanazi ukuveze lokhu ngesikhathi evakashele indawo yokuhamba ngezinyawo olwandle eThekwini, njengengxenye yokuphepha kwesizini yamaholidi.
Uthi kunzima ukulwa nobugebengu uma amanye amaphoyisa enza izinto eziphambene nomthetho ngokwawo. “Kunenqwaba yamaphoyisa aboshiwe enza ubugebengu obuhlukahlukene okubalwa ukuphanga ehlomile, ukushayela edakiwe, ukuthumba kanye namanye amaningi,” kusho uMkhwanazi.
Uveze ukuthi okubuhlungu kakhulu ukuthi la maphoyisa asebenzisa izibhamu anikezwe zona uhulumeni, ukuthi avikele umphakathi. Uqhube wathi ukuboshwa kwamaphoyisa kuyingxenye yomkhankaso oqinile wangaphakathi wokubhekana ngqo namaphoyisa ‘angcolile’, nenkohlakalo esembuthweni.
