
URAMAPHOSA UNXUSA UKUTHI I- ANC INIKWE ELINYE ITHUBA
OWAMI THABETHE
I-African National Congress (ANC), izehlisa phambi KWABAVOTI, yavuma ukuhluleka kwayo kuhulumeni, yathi ngeke ibeke izaba ngamaphutha eyenze ngesikhathi ibusa.
Lokhu kuvele enkulumweni kaMengameli wayo, uMnuz Cyril Ramaphosa, ayethule eDiepsloot enyakatho yeGoli ngesikhathi kwethulwa umkhankaso wokhetho we-ANC, ngaphambi kokhetho lohulumeni basekhaya lwangomhlaka 4 kuLwezi 2026.
URamaphosa ukuvumile ukwehluleka kwe-ANC ekulethweni kwezidingo kubantu isesemandleni.
“Ngeke siwabalekele amaphutha ethu, ngeke silibalekele iqiniso lokwehluleka kwethu. Sizovuma ukuthi yebo, sibambisene nabantu bakithi ukuze senze inqubekela phambili, kodwa ngokufanayo sizosho ukuthi kube nobuthakathaka, kube nokwehluleka futhi siyakuvuma njenge-ANC,” kusho Ramaphosa eqhuba ethi:
“Asiceli abantu ukuthi bakhohlwe okungasebenzanga. Siyabacela ukuthi basilekelele ngokuzimisela kwethu ukubhekana nokwehluleka, ukubhekana nobuthakathaka, ukulungisa amaphutha ethu, ukukhetha abaholi abangcono.”
Uqhube wathi ukukhetha abaholi abangcono kuzobonakala ngohlelo oluqinile oluthathwe yiqembu lokuhlonza, hhayi amakhansela kuphela kodwa nokubandakanya imiphakathi ekukhethweni kwamakhansela. UMengameli uphinde waxwayisa omasipala ukuthi bangenzi abantu balinde unomphelo izidingo zabo.
