Politiki

UCHWAITA ULAXAZE I-ANC WAJOYINA I-IFP

N4438_vivi

UCHWAITA Songca ulaxaze I-ANC, waqoma i-IFP. ISITHOMBE: UMUSA NEWS

AKHONA DLAMINI

UMSUNGULI we-South Beach Young Stars Tournament, uChwaita Songca, ulaxaze i-African National Congress (ANC), kuhle kwenyongo yenyathi, waqoma Inkatha Freedom Party.
Lokhu ukuveze ngesikhathi kunesithangami sabezindaba ebesibizwe nguSizwe “Mavava” Sikhakhane eDurban Manor Hotel, eThekwini, ngoLwethathu.

Ngokuthola kwaleli phephandaba, uChwaita ubeseyisebenzele kakhulu i-ANC futhi eyisishoshovu sayo, kodwa ukungaphanyekwa ezigxobeni njengongenele esobukhansela nokungagcinwa kwezithembiso zoxhaso, oluthinta ukuthuthukiswa kwentsha yaseSouth Beach kwezemidlalo, yikhona okwenze wanquma ukujoyina i-IFP.
I-IFP iwuthandile umsebenzi owenziwa nguChwaita, wokwenza umehluko emphakathini ikakhulukazi entsheni, libe selixhasa umqhudelwano wakhe webhola.

Uthe bese kuphele iminyaka ecela uxhaso kwi-ANC, ubeyilunga layo iminyaka nezicelo ezifaka minyaka yonke, bagcine ngokumethembisa kodwa akazange aluthole.

“Akekho ongazi ukuthi bengiyithanda kangakanani i-ANC, kodwa ingiphoxile yingakho ngiyilaxazile. Nginenqwaba yezicelo ebengilokhu ngizithumela kuyo ngicela uxhaso ngalo mncintiswano kodwa akekho obenginakile,” kusho uSongca.

Uqhube wathi izinto zishintshe ngesikhathi ecela uxhaso kwi-IFP, ephendule ngokuphazima kweso yavuma ukufaka isandla.

“Kwi-IFP ngikhulume kanye yangiphendula yasuka lapho yawuxhasa umqhudelwano wami, okumanje siphezu komsebenzi nabo. Lokhu ikhona okwenze ngangapholisa maseko ngavele ngajoyina i-IFP,” kuqhuba yena.