Uncategorised

KUVUKE UMUNYU KUMACIKO ENKONZWENI YESIKHUMBUZO SENKOSI YAMAGCOKAMA

USNE Ntuli obesebenzisana neNkosi Yamagcokama

UKHUZANI noNtencane abame noS’cebi kwaze kwaba sekugcineni, njengoba baba ngabokuqala abafika lapho okwenzeka khona ingozi.

AMACIKO evalelisa ngengoma kwiNkosi Yamagcokama enkozweni yesikhumbuzo ngoLwesine. IZITHOMBE: KHUZANI MPUNGOSE

NOMCEBO NGEMA

UHLULEKILE ukuzibamba izinyembezi ngenxa yobuhlungu uSne Ntuli, ngesikhathi ekhuluma ngezinto ezinhle azenzelwe uS’cebi Dlamini obaziwa ngeNkosi Yamagcokama ongasekho emhlabeni.

USne ubekhuluma izolo e-Ethekwini Community Church (ECC), enkonzweni yesikhumbuzo seNkosi Yamagcokama negidangoma lakhe, uSipho “Gupta” Mchunu, abadlula emhlabeni ngoMgqibelo engozini yemoto eRichards Bay. USne uthe uS’cebi ubesefana nomfowabo.

“Ukuzwana kwethu bekungaphezulu kokuthi siyasebenzisana, uS’cebi ubesefana nobhuti kumina futhi obekubuye kuqinise kakhulu ubudlelwane bethu ukuthi sobabili sizalwa kwaNgubane. Ukusebenza kwami noS’cebi kungifake ezintweni eziningi, ngakwazi ukusebenza emicimbini emikhulu, ngadlala bukhoma okungeyona into elula. Ngiqale konke lokhu ngenxa kaS’cebi konke lokhu kushabalele ngeke ngisaphinde ngimbone,” kusho uSne ekhala.

UKhuzani Mpungose ozibiza ngeNkosi yoMaskandi, ongomunye wabafika kuqala lapho okwenzeka khona ingozi, udlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaMchunu nowakwaDlamini. Uthe okubehlele bebengakulindele futhi akekho obehlelile ukuthi bazohlangana ngesimo esifana nalesi.

“Kubuhlungu futhi akwemukeleki, ukuphumula sikuthola uma sesificwe ubuthongo kodwa uma siphaphama buqala phansi ubuhlungu esisuke silale sibuzwa. US’cebi ngimaze ngoThuthani Ndlovu ngoba ubembiza ngomshana wakhe, ubephethe izinto zakhe zonke kwezomculo. Ngendlela engiphila ngayo noThuthani, uma into ekholelwa kuyona nami ngivele ngikholelwe kuyona. US’cebi ubenethalente elimangalisayo okwathi uma emethula kimi kwaba ukuxhumana kwethu noS’cebi kusukela lapho. Ngaze ngababiza benoDumakahle ukuthi abeze bezongivakashela lapho engihlala khona ePitoli, kodwa omunye ngangamtshela ukuza lo, nalona omunye ngangamtshela banqwamane endlini sahlala kwaba mnandi saze sahlukana ebusuku,” kusho uKhuzani.

Uqhube wathi balimele kakhulu ngokudlula emhlabeni kukaS’cebi ngoba ubenethalente elimangalisayo futhi ubesaya kude. Uthe imicimbi ayenzile ibimihle kakhulu futhi akekho obazi ukuthi mhlampe uyavalelisa. Uphinde wabonga uT’zozo, ogama lakhe langempela kunguThokozani Zulu, ngokwenza le nkonzo yesikhumbuzo ibe yimpumelelo.

USipho uyabekwa namuhla ngoLwesihlanu endlini yakhe yokugcina eMachunwini eMsinga. INkosi Yamagcokama izobekwa kusasa eMachunwini eMsinga. Zonke izindleko zale mingcwabo zizothwalwa Amathole Funerals.