Uncategorised

UNGIZWE UPHIKA ISANDLA SABOKUFIKA

UNGIZWE noNkosikazi wakhe uFloda ngesikhathi befika emzini wabo sekusele izindonga zodwa.

ISALE iwumlotha kanjena yonke impahla ebingaphakazi ezindlini. IZITHOMBE: NHLAKA PRODUCTION

NOMCEBO NGEMA

UNGIZWE Mchunu uthi ukushiswa komuzi wakhe akuhlobene nokuxoshwa kwabokufika ngokungemthetho kuleli, ngesikhathi efika emzini wakhe eMadundube eMbumbulu njengoba efice izindonga zodwa, ephuma eGoli.

UNgizwe uthi wafika kulendawo ngonyaka ka-2014, futhi uhlezi kahle nomakhelwane abazona izitha.
“Abantu bangakhuluma nje izinto abazithandayo kulungile ngoba banamalungelo, ayikho kodwa indoda engavele ishise umuzi wayo ngisho kungathiwa isangene kanjani. Ningayidlala nje ipolitiki ngendlela enidlala ngayo, kodwa mina ngumuntu weqiniso oqondileyo. Ngokosiko nami kufanele ngiyibheke lento ngokolaka lomsamo, kodwa ngokwezitha. Eyabantu bokufika cha angikuvumi lokho ngoba akukho “kwelekwele” elingahamba lize lifike lapha. Yebo izinsongo zikhona ziningi futhi, mina kusukela ngonyaka ka-2021 impilo yami yashintsha ngesikhathi silwela ubaba uNxamalala, eboshiwe kusukela ngalelo langa ngiyagadwa kuze kube namuhla,” kusho uNgizwe obengcwele izinyembezi emehlweni.

Uqhube wathi yena unezitha eziningi.
“Mina nginezitha eziningi okubalwa oMalema, nginezitha zabesilisa abathandana nabanye besilisa (gay), ngakho manje isikhathi sabo lesi sokuthi bajabule kodwa sizobona ukuthi kogcina bani,” kuphetha uNgizwe.