Uncategorised

INJAMPELA IBHEKE UKUQHUBEKA NOMGQIGQO WOKUNQOBA

ZISAHAMBA kahle izinto eqenjini leNjampela njengoba ibheke ukuvala igebe lamaphuzu kowe-ABC Motsepe League.
ISITHOMBE : Soka snap

MALIBONGWE MAZIBUKO

IQEMBU leNjampela, elaziwa kakhulu ngokuthi Abafana Basekuthuleni, lizimisele ukuqinisa umzabalazo walo wokuqoqa amaphuzu amqoka uma selibhekene neSummerfield Dynamos emdlalweni obalulekile weKZN ABC Motsepe League kule mpelasonto.
Lo mdlalo uhlelelwe ukuqala ngo-15:00 ngoMgqibelo ePongola Sugar Mills Stadium, lapho womabili la maqembu elangazelela ukuqoqa amaphuzu aphelele njengoba isizini isisondele emaphethelweni.
INjampela FC ingena kulo mdlalo ihlezi endaweni yesibili kwi-log ka-Stream A ngamaphuzu angama-34, iqhubeka nokufaka ingcindezi kuMvoti FC ozihola phambili ngamaphuzu angama-37. Abafana Basekuthuleni babheke ukuqhubeka nomgqigqo wabo omuhle wokunqoba imidlalo eyishumi ilandelana, Fuji bayazi ukuthi noma yiliphi iphutha lingakhulisa igebe phezulu lamaphuzu etafuleni. Ukunqoba ngoMgqibelo ngeke kugcine nje ngokuqinisa indawo yabo yesibili kuphela kodwa kuzokwenza ingcindezi kuMvoti njengoba umjaho ku-Stream A uqhubeka ushuba.