Izindaba

IFP YESEKA IMIQHUDELWANO YENTSHA ETHEKWINI

USIHLALO we-Inkatha Freedom Party eThekwini uMnuz Sizwe ‘Mavava’ Sikhakhane. ISITHOMBE: UMUSA NEWS

AKHONA DLAMINI

IQEMBU le-Inkatha Freedom Party (IFP) lizokweseka imidlalo okuhloswe ngayo ukuthuthukisa intsha yaseThekwini, ngomqhudelwano webhola iSouth Beach Young Stars Tournament esungulwe nguChwaite Songca.

Lokhu kuveze uSihlalo we-IFP eThekwini uMnuz Sizwe ‘Mavava’ Sikhakhane, ogaqele esokuba iSekela leMeya yakuleli dolobha ngoLwesithathu, eDurban Manor.

“Lo mqhudelwano akuwona nje owezemidlalo kuphela, kodwa yingxenye yemizamo yokuthuthukisa intsha yaseThekwini,” kubeka uMavava.
Uthe bahlose ukuhlanganisa intsha baphinde bayiqhelise ezidakamizweni kanjalo nezinye izinkinga ezibhekene nayo.

“Le miqhudelwano ingasetshenziswa njengendlela yokwakha ubunye emphakathini nokutshala ikusasa elingcono entsheni. Ngiyethembisa ukuthi wonke umuntu uzohamba ekuphethe ngesandla azobe ekunqobile,” kubeka uSikhakhane.

Umqhudelwano iSouth Beach Young Stars Tournament, uzoba ngempelasonto yomhla zingama-26 no-27 kuMandulo ezinkundleni zemidlalo ezehlukene eThekwini.