EzobumnandiIzindaba

UMNQOBI YAZO UKHIPHE I-ALBHAMU ENTSHA EKHULUMA NGEZOLO LAKHE

UMCULI we Afro pop uMnqobi Yazo. ISITHOMBE: SITHUNYELE

OWAMI THABETHE

UMNQOBI Yazo uthi uzoqala ikhasi elisha ngempilo yakhe, lokhu ukuveze ngemuva kokwethula ngokusemthethweni usuku lokwethula i-albhamu entsha azoyikhipha ‘Indlela’ ezophuma ngomhlaka-28 Agasti 2026 ngaphansi kwenkampani i-Gamma.

Lo mculi uchaze le albhamu njengendlela yokukhombisa ukuguquka kwempilo yakhe nasemculweni. Uthe le albhamu izoveza izigaba ezahlukene ngempilo, izindaba zothando, ukudabuka kwenhliziyo, izifiso ezinkulu, ubunzima nokukhula .Uveze ukuthi isitayela somculo wakhe sigxile kakhulu emasikweni Amazulu, njengoba engowokuzalwa futhi kwaMaphumulo, okuyilapho.

“Ukukhulelwa KwaMaphumulo wangenza ngaba Nothando lomculo owahlukene okubalwa uMaskandi, i-Afro Jazz nomculo wase-Afrika,” kusho uMnqobi Yazo. ‎