ITHWESWE IZIQU IMEYA YAKUMASIPALA WASE-RICHMOND

UMELIKHAYA Ngcongo oyiMeya yakuMasipala wase Richmond, ebithweswa iziqu izolo negqugquzela ukufunda kubantu.

ITHWESWE iziqu ze-Postgraduate Diploma in Public Management, eNyuvesi yasePitoli, iMeya Melikhaya Ngcongo. IZITHOMBE: ZITHUNYELWE
AKHONA DLAMINI
IMEYA yakuMasipala waseRichmond uCllr Melikhaya Ngcongo uncome indima eklanywa imfundo empilweni yomuntu, ngesikhathi ethwese iziqu ze-Postgraduate Diploma in Public Management, eNyuvesi yasePitoli, izolo.
UNgcongo uthi kuyena imfundo ayisoze yaphuma esitayeleni, iyohlezi iyithuluzi elinamandla kakhulu ekukhuleni nasekuguquleni impilo yomuntu.
Uthi ngesikhathi ejoyina ezepolitiki ngonyaka ka-2021 wayenolwazi oluncane ezindabeni zikahulumeni , kwizinqubomgomo, kanye nokuphathwa kwezimali. Uthi lokhu akuzange kumdikibalise kepha kwamenza waphokophela ekuthenini aqhubeke nezemfundo.
“Ngihlale ngikhuthazwa amazwi kaDkt Nelson Mandela athi, imfundo iyisikhali esinamandla kakhulu, ongasisebenzisa ukuguqula umhlaba. La mazwi abalulekile kakhulu uma usemkhakheni kahulumeni wasemakhaya. Imfundo ayigcini nje ngokusiza umuntu ngamunye, kodwa iyisisekelo sokulwa nobubha, ukungasebenzi, nokungalingani emphakathini. Ngaphandle kwemfundo, kunzima kakhulu ukufeza amaphupho, ” kusho iMeya uCllr uNgcongo.
Wengeze ngokuthi njengoba izinto ziguquka ziba ubuchwepheshe besimanje, kubaluleke kakhulu ukuthi zikufice sowuphethe imfundo esandleni.
