Uncategorised

KUPHAZAMISEKE UGESI KUNTSHONTSHWA IKHOPHA EVRYHEID

KUNTSHONTSHWE ikhopha enye yacekelwa phansi izigilamkhuba eVryheid. ISITHOMBE: ABAQULUSI MUNICIPALITY

NOMCEBO NGEMA

UMASIPALA waBaQulusi wazisa amalunga omphakathi ngokuphazamiseka kukagesi kulandela ukuntshontshwa kwekhopha (copper cable), emgwaqeni uKommissie Street kanye noPresident Street, eVryheid. Izindawo eziphazamisekile njengoba kwenzeke lesigameko: Ekhoneni lomgwaqo uWest street, uPresident street kanye noKommissie street. Imigwaqo ephakathi kuka-Republic, Deputasie, Hlobane no-Small Streets.

UMasipala uthi ithimba lochwepheshe lisendaweni yesigameko libheka umonakalo owenzekile, nokuthi mangakanani amathuluzi azodingeka uma sebelungisa umonakalo. “Ukulungiswa kungase kuthathe amahora amaningana. Sicela amalunga omphakathi abhoncule zonke izinto zikagesi okubalwa amaketelo, amafridge nokunye okuningi ngesikhathi kulungiswa umonakalo. Siyaxolisa ngokuphazamiseka okube khona,” kusho uMasipala waBaQulusi.