
INDINDA NGETSHITSHI ELIPHOQA UKUBA IZINYANE LESILO

UTHANDO Zulu ozibiza ngezinyane leSilo.

UTHANDO nezinyane uMntwana Tensindiso KaMisuzulu, lapha kungesikhathi uThando engena ngenkani emgqeni oma amazinyane
ISITHOMBE: TIKTOK
ZETHU PHOSWA
INDIDA ngetshitshi eliphoqa ukuba yizinyane leSilo uMisuzulu kaZwelithini ngenkani.
Leli tshitshi uThando Zulu (15) lasusa umsindo omkhulu esigodlweni saseMashobeni, ngesikhathi kuqhubeka uMkhosi woMhlanga, likhalela ukushutha neNgonyama ngenkani, lifuna nokusina namazinyane phambili.
Kulo mkhosi lalidakiwe leqiwe izimbiza zikaFaro, okuyilapho ayema ngenkani emgqeni oma amazinyane, okwafika abadala basendlunkulu bamyabula, bathi akasuke uhlaza iNdlunkulu.
“Mina ngowaseNdlunkulu ngiyaziwa, ngiyafika ngivakashe khona. Nginenswebu yeNgonyama,” lisho lisindinda isililo.
Lapho omama basendlunkulu, belokhu bekhulumela phansi, bethi angeke uyoma emgqeni wamazinyane, uhlanza iNdlunkulu.
“Ngeke ukwazi ukuthi uyokuma emgqeni wamazinyane, lokho kuhlaza iNdlunkulu. Uma kungukuthi uyizinyane iNgonyama iyokwethula ngendlela efanele, ngeke uvele kuqhamuke usuzokuma namazinyane,” kusho omunye wabantwana.
Ngokuthola ngomthombo kuthiwa
Ukuzaleka kwaleli tshitshi akukacaci, njengoba iSilo neNdlunkulu kaZulu ingakasho lutho ngalo.
Leli tshitshi linezithombe eziningi ezishuthe neNgonyama, kuTiktok walo kugcwele izithombe ishuthe neNdlulamithi, ondlunkulu namazinyane.
