Uncategorised

LICHAZWE NJENGOMUNTU OBENOTHANDO IKHANSELA ELIBULEWE E-KLAARWATER

UNKK Nana Khwela-Dladla uthe bafuna izimpendulo ngoba umfowabo ubengumuntu ongasukeli muntu.

UNDUNANKULU uMnuz Thamsanqa Ntuli, eyobhonga emswaneni kulandela ukudlula emhlabeni kukaCllr Sibusiso Khwela. IZITHOMBE: S’PHUMELELE MADIDE

NOMCEBO NGEMA

UFUNA izimpendulo umndeni wakaKhwela ngokudutshulwa kubulawe uCllr Sibusiso Khwela wakuward-17, eKlaarwater esehhovisi lakhe ngoLwesine. UNkk Nana Khwela-Dladla ongudadewabo kaCllr uKhwela, ukusho lokhu ngoLwesibili, ngesikhathi bevakashelwe uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli.

UNkk Dladla uthe ukubulawa kukamfowabo kwabethusa kakhulu, ngoba ubengumuntu othanda umsebenzi nomndeni wakhe.

“Ubhuti ubengumuntu ozinikelayo emsebenzini wakhe, ewuthanda kakhulu umndeni wakhe. Ubengumuntu onothando, olungile futhi enamancoko.Siyafisa ukuthola izimpendulo ngoba basithathele umuntu obeyithemba lethu emndenini kaKhwela, noma kungekho esizokwenza ngoba umfowethu akasekho kodwa siyafuna ukwazi ukuthi bekwenzenjani futhi ubenzeni le engaka umfowethu ngoba ubengumuntu ongasukeli muntu. Okukhulu kunakho konke ubesewutshelile umphakathi, wawutshela umndeni ne-ANC ukuthi uyehla kulolu ukhetho, ekubeni yikhansela ngeke esalithatha ihlandla elilandelayo.

NgoLwezi umfowethu ubezogcina ekubeni ikhansela, ngakho siyafisa ukwazi ukuthi lo obedinwe kangaka esezophuma umfowethu bekwenzenjani,” kusho uNkk Dladla.

Uqhube wathi umfowabo ushiye izingane eziyi-6, uNkosikazi, abafowabo nodadewabo.