Izindaba

UNTULI UFUNA KUQINISWE EZOKUPHEPHA ETHEKWINI

ENYE yezimoto eshiswe yangqongqa kuRussel Street eThekwini.ISITHOMBE: AYANDA PHOSWA

OWAMI THABETHE

UNDUNANKULU wakwaZulu Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli, usefake isicelo esiphuthumayo kuMengameli Cyril Ramaphosa sokuthi kutshalwe amasosha oMbutho wezokuVikela (SANDF) eThekwini.

UNtuli ukusho lokhu ngoLwesihlanu mhla zingama- 9 kuMfumfu, ngesikhathi bebheka umonakalo enkabeni yeTheku, odalwe abebemasha eThekwini, bephikisana nomyalelo wokunikwa kwabokufika izimvumo zokuba kuleli njengababhacile.”Isimo siyaphuma esandleni lapha eThekwini, amasosha azolekelela amaphoyisa ukuqapha isimo njengoba kubonakala imimoya isaphezulu kakhulu kubahlali”, kusho uNtuli.

Uthe wonke umuntu unelungelo lokumasha uma kukhona lapho bengagcwiliseki khona, kodwa usigxekile isenzo sokucekelelwa phansi kwenqalasizinda edolobheni.UNdunankulu uNtuli ubehambisana noKhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, General Lt Nhlanhla Mkhwanazi noyibamba likaNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke, uSolwazi Feroz Cachalia, beyohlola umonakalo ngemuva kokuvalwa thanqa kwedolobha abamashi bakuleli, abashise izimoto eziyi-14 namabhilidi amabili. Uthuthuva luqale ngesikhathi abokufika abathathu belwise abamashi okuholele ekutheni kudutshulwe emlenzeni owakuleli waphuma. Ngemuva kwalesi sigameko abamashi kube sengathi bathe lwe ngezibonkolo, baqala bacekela phansi izitolo zabokufika, bashisa izimoto namabhilidi