Uncategorised

KUKHUTHAZWE AMADODA UKUTHI ANGAFELI NGAPHAKATHI E-RICHMOND

AMADODA aseRichmond akhuthazwe ukuthi akhulume ngezinkinga zawo , futhi abe ngabavikeli bemindeni ngesikhathi sesithangami Isibaya Samadoda eNhlazuka. ISITHOMBE: FACEBOOK

LINDELWA MAGWAZA

AMADODA aseRichmond akhuthazwe ukuthi akhulume ngezinkinga abhekana nazi, ngesikhathi sesithangami i-Isibaya Samadoda ebeseShiyampahla Primary School, eNhlazuka.IMeya kaMasipala waseRichmond uCllr Melikhaya Ngcongo, uthe amadoda kufanele avuleleke uma ebhekene nezinselelo, afune usizo futhi abe ngabavikeli nabanakekeli bemindeni.

“Indoda ayingabi isilwane esisatshwayo ekhaya. Kodwa mayibe nothando, ibe umvikeli futhi inakekele ikhaya nomndeni wayo. Uma nibhekene nezinselelo, nivuleleke nifune usizo kunokuzithulela,” kusho iMeya uNgcongo.Induna uMnuz Zuma inxuse imindeni ukuthi ihlalisane ngokuthula, kuphele ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Uthe amadoda nawo ayabhekana nokuhlukunyezwa emakhaya.

Induna yezinsizwa uMnuz Mkhize ithe izithangami ezifana ne-Isibaya Samadoda zibalulekile ngoba zifundisa ziphinde zikhuthaza amadoda ukuthi aphile impilo engcono.Lesi sithangami besihlelwe uMasipala waseRichmond ngokubambisana noMnyango wezeMpilo esifundeni uMgungundlovu noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi.