Uncategorised

I-NFP ITHEMBISA UKUHLONIPHA UMTHETHO NOKUSEBENZELA ABANTU BASE-KZN

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal noyilunga lePhalamende uNksz Mbali Shinga. ISITHOMBE: KZNDSD

NOMCEBO NGEMA

IQEMBU leNational Freedom Party (NFP) kwiSishayamthetho saKwaZulu-Natal, liqinisekise ukuzibophezela kwalo, ekulandeleni imigomo nemibandela yomthethosisekelo nemithetho yezinqumo zenkantolo. Lokhu kulandela isitatimende esikhishwe yiHhovisi likaSomlomo, esimayelana nesimo sokumelwa kweqembu kwiSishayamthetho.

I-NFP igcizelela ukuthi zonke izinhlaka kufanele zihloniphe izinqumo enkantolo, kuze kube ziguqulwa ngokusemthethweni. Leli qembu lizomelwa iLegislature Caucus yayo, okuyiyona ezoqhuba umsebenzi wokumela izakhamuzi, izophinde ibambe iqhaza kwizingxoxo zesiSishayamthetho k nokubheka ukuthi uhulumeni usebenza ngendlela efanele yini. “Umsebenzi wethu omkhulu ukuvikela izidingo zabantu ngale kokugxila ezingxabanweni zangaphakathi,” kusho isitatimende esithunyelwe kwabezindaba.

UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNksz Mbali Shinga ophinde abe ilunga lePhalamende esifundazweni uthi iqembu lizoqhubeka nokugxila ezindabeni ezithinta umnotho, ukuntuleka kwemisebenzi, ububha kanye nokulethwa kwezidingongqangi. “ICaucus izogxila ezingxoxweni zesabelomali sesifundazwe, lapho izophakamisa izindaba ezithinta ukukhula komnotho, ukulwa nokungasebenzi kwabantu, ukunciphisa ububha,ukulethwa kwezidingongqangi kanye nokuqinisekisa ukuthi uhulumeni usebenza ngendlela efanele,” kusho uNksz uShinga.