Izindaba

KUNCONYWA UKUPHELA KWESIKHUNGO EMADADENI

USIHLALO weKomidi lePortfolio KwaZulu-Natal Legislature uMafika Mndebele.

IFEMU esiqediwe ukwakhiwa ngemuva kwesikhathi eside singaphelile. IZITHOMBE: SITHUNYELWE

AKHONA DLAMINI

IKOMIDI lePortfolio Legislature lesifundazwe saKwaZulu Natal, elibhekele ukuthuthukiswa kweZokuvakasha nezoMnotho, lincome ukuqedwa kwesakhiwo iMadadeni Clothing and Textile Hub eNewcastle, lachaza lokhu njengokusebenza ngokuzikhandla.

Ngesikhathi iKomidi livakashele le ndawo ngonyaka ka-2024, umsebenzi wawumile ngenxa yokushoda kwezimali, okwaholela ekutheni kube nokuphazamiseka. Ngesikhathi libuyela mhla zingama-26 Agasti 2026, lithole isikhungo sesiphelile, sinemishini yesimanje futhi sesikulungele ukuqala ukukhiqiza.

USihlalo weKomidi, uMafika Mndebele, uthe balujabulele ushintsho abaluficile kulesi sikhungo.
“Sagcina kulesi sakhiwo le phrojethi imile, namuhla ligaya ngomunye umhlathi. Sifice isikhungo sesiphelile sesikulungele ukukhiqiza. Impela kuyasijabulisa ukufica ushintsho olungaka. Kukhombisa ngokusobala ukuthi ngokubambisana konke kuyaphumelela,” kusho uMndebele.

USangweni uphinde wancoma uMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, Ezokuvakasha nezeMvelo KwaZulu-Natal nebhange, Ithala, ngokuphendula ezinkingeni ezaziphakanyiswe yiKomidi.