Uncategorised

UNTULI NOGWAYI KATIKI KOWOKUHLINZEKWA KOMPHAKATHI NGAMANZI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli kwingqungquthela yamanzi.

IZIHAMBELI eziqhamuka ezindaweni ezihlukahlukene ebeziyingxenye yengqungquthela. IZITHOMBE: GCINA NDWALANE

NOMCEBO NGEMA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnuz Thamsanqa Ntuli unqumele ugwayi katiki, ababhekelele ukuhanjiswa kwamanzi emiphakathini izinsuku ezingama-90, zokuthi balungise inkinga yamanzi ebhekene nalesi sifundazwe. UNdunankulu uNtuli ukusho lokhu, ngesikhathi ese-Inkosi Albert Luthuli Convention Centre (ICC), eThekwini kwingqungquthela yokubhunga kabanzi ngamanzi, nokuthola izixazululo eziqinile ezizoletha ukuvikeleka kwamanzi esikhathini esizayo.

UNdunankulu uNtuli uthi le ngqungquthela bekungeyokubuka izinkinga zamanzi ezikhungethe lesi sifundazwe. “Siyaqonda ukuthi bayaziqonda laba ebesihlangene nabo izinkinga zamanzi, kodwa umbuzo uthi kungani pho zingalungiswa?. Ngibanikeze izinsuku ezingama-90 ukuthi balungise le nkinga, ngemuva kwalezi zinsuku sizophinde sibe nengqungquthela lapho bezokwethula umbiko, uma kukhona lapho kungalungiswanga khona okanye kukhona okungenzekanga ngendlela efanele kufanele bachaze kabanzi. Zonke izingqinamba sizoziveza obala kanjalo nenqubekela phambili ukuze abantu bazi ukuthi ubani owenza kahle futhi ubani ongenzi kahle,” kusho uNdunankulu uNtuli