USHALULILE UCACISA NGOKUSHIYA ISUNDOWNS

UMGADLI uPeter Shalulile othungatha iqembu elisha njengoba esehlukene neMamelodi Sundowns. ISITHOMBE: Backpage
MALIBONGWE MAZIBUKO
UMGADLI waseNamibia, uPeter Shalulile, uphumele obala ngesizathu esimenze wacela ukukhululwa yiMamelodi Sundowns, awine nayo indebe yeCaf Champions League ngesizini ka-2025/2026.
UShalulile udlale imidlalo eyi-107 eChloorkop, washaya amagoli angu-228 kuyona yonke imiqhudelwano. Kumasizini ayisithupha awadlale kwiSundowns, uwine izindebe eziyisishiyagalolunye okungeziyisihlanu zeligi yeBetway Premiership, iNedbank Cup, iMTN8, African Nations League neChampions League.
Emuva kweminyaka engumgadli ophambili kwiSundowns, izinto zimshintshele sekufike umqeqeshi, uMiguel Cardoso, ngesizini ka-2024/2025 emuva kokuxoshwa kukaManqoba Mngqithi. Ekhuluma ne-website yeSundowns, uShalulile udalule ukuthi ucele ukudedelwa ukuze ezoqhubeka nempilo kwelinye iqembu.
“Bengisebenza kanzima. Kufike isikhathi lapho ngilimala khona, okumqoka yilapho amagoli abengaqhamuki khona, ngesomiso. Beyisikhathi lapho bekudingeka khona ukuthi ngizikhandle ngokuphindiwe njengomgadli,” kusho uShalulile eqhuba ethu:
“Nakuba bengingawashayi amagoli, bengiza ejimini ngizoziqeqesha ukuqedela amabhola. Nginqume ngesikhathi ngikhuluma nemenenja yami ukuthi okungilungele wukucela iqembu, umengameli, ukuthi anginike ithuba lokuyokhombisa ikhono lami kwenye indawo.
”UShalulile uphethe irekhodi lamagoli amaningi emlandweni weBetway Premiership njengoba eseshaye angu-130. Ulephuce uSiyabonga Nomvethe owaphanyeka amakhokho emgibeni eseshaye ayi-129. UShalulile uxoxa neqembu laseZimbabwe, iScottland FC njengoba efuna ikhaya elisha. Amanye amaqembu okuthiwa ayamfuna yiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.
