
KUBOSHWE OZAKHELE UDUMO NGENHLAMBA
OWAMI THABETHE
UKHALELWE amasongo kaSigonyela owesilisa odume ngokuchapha abantu ngenhlamba ezinkundleni zokuxhumana, uThabani Hlatshwayo. Amaphoyisa atheleke emzini wale nsizwa ehlome ezingovolo, ngesikhathi ezombopha eku-live ku TikTok ngoLwesibili ebusuku mhla zingama-20 kuMfumfu.
UThabani Hlatshwayo udume kakhulu ngesikhathi edelele abantu abaningi abasemandleni, ebathuka ngezinhlamba ezinyantisa umzimba, okubalwa iSilo noNyazi.Kuzwakale kwividiyo ezicelela kumaphoyisa ukuthi angambulali, wacela ukuvala u-live wakhe ku TikTok kuqala ngaphambi kokumthatha.
“Ngicela okungenani ngivale ucingo mase siyaxoxisana madoda,” kusho uThabani.Amaphoyisa amyabule kunjalo amuthatha ahamba naye. Abantu abaningi bathi bakulindele ngamehlo abovu ukuvela kwakhe enkantolo, bazibonele bukhoma lomuntu odelela kanjena.
