Uncategorised

KWAKHALA NYONINI KWI-GCOKAMA

UMBIKO: ZETHU PHOSWA noMABUNHLE MLABA

NAKUBA ehlala njalo esenyakanyakeni ngenxa yezigemegeme azifaka kuzo uMthandeni “Igcokama Elisha ” Manqele akadeli uma engekho lapho kunomsindo khona.
UMthandeni osanda kubhozomela u-Ayanda Msweli ngokuthi RIP, ngenxa yokunengwa ukuthi ube khona ngesikhathi umculi kaMaskandi uThwalovu, egxeka uMthandeni ngokumvakashela ehamba noNgizwe Mchunu nabamathelevishini.
Kuthiwa uMsweli elenze lahlaba lephukela kuMthandeni, ukuthi wahleka kakhulu ngesikhathi uThwalofu ethi uMthandeni akasoze abeyinkosi kaMaskandi ngoba akakwazi ukuzishayela isigingci kodwa uyashayelwa.
UMthandeni ophenduke uphu ibhele ligaxele, njengoba esolwa ngokuqola inkampani ehlela imicimbi, kuthiwa akafikanga emcimbini ayeqashwe kuwo.
IBlue Screen Entertainment ithi yaqasha uMthandeni ukuthi azonandisa kumcimbi owawu mhla ziyi-3 kuNhlaba eMoses Mabhida Stadium, eThekwini umculi wase-USA uRick Ross wayengomunye wabaculi ababepikiwe. UMnuz Brian Steel oyinhloko yezomthetho kwaBlue Screen Entertainment useyithumelile incwadi yasenkantolo lapho benxusa uMthandeni ukuthi akhokhe imali abamkhokhela yona. Le nkamapani, ethe isithunzi sayo sesihuduleke phansi njengoba ingasathenjwa abantu esebenzisana nabo, ithi yaqala yamkhokhela u-R20 000 okuyimali eyidiphosithi yaphinde yafaka omunye ngoMay 2. Yize ayesekhokheliwe kodwa uMthandeni waqoma ukuyonandisa kumaMetro FM Music Awards ayeseMbombela eMpumalanga ngenyanga edlule.
Enye ingxenye yale ncwadi ebhalelwe uMthandeni ifundeka kanje; “Ukwehluleka ukukhokha le mali kuzophoqa iBlue Screen Entertainment ukuthi ikuthathele izinyathelo zomthetho ngoba wephule isethembiso. Sifuna ukhokhe uR20 000 bese siyahlukana kahle.”
Kuthintwa ihhovisi likaMthandeni lithe. ”Yebo kuyiqiniso waya konandisa kumaMetros ngoba imali yawo yayingcono. Esifuna ukucacisa ukuthi uMthandeni ungumuntu ohlale ematasa kakhulu. Kuyenzeka abhukhwe ezindaweni eziyisihlanu ngosuku okwenze ukuthi kwesinye isikhathi angakwazi ukuzihambela zonke. Kodwa-ke sesixhumene nabeBlue Screen Entertainment sabathembisa ukuthi bazoyithola enye ingxenye abasikhokhela yona.”