
UCIBANE UTHI I-MKP IZA NOSHINTSHO KWINTSHA
AKHONA DLAMINI
UMENGAMELI wophiko lwentsha kwiqembu loMkhonto weSizwe (MKP), uQiniso Cibane, uthe iqembu labo lizibophezele ekuthuthukiseni intsha nasekuyinikezeni amathuba okuba yingxenye yobuholi bezwe.
Lokhu ukusho ngesikhathi enengxoxo ekhethekile no-Umusa Media, lapho egcizelele khona ukuthi iqembu loMKP yiqembu lezepolitiki elikhombisa ngokusobala ukuzethemba kwalo entsheni ngokuyinika izikhundla zobuholi.
“ Iqembu lethu lihlukile kwamanye amaqembu njengoba linezimeya namakhansela asemancane, lokho kuwubufakazi bokuthi iqembu lethu lisebenza kanzima ukufukula nokunika intsha amathuba,” kubeka uCibane.
Uthe enye yezinto ezibalulekile okufanele zibhekwe wukuqinisekisa ukuthi abantu, ikakhulukazi intsha, bayakwazi ukuthola amathuba okuziphilisa ngemuva kokuthi baphothule izifundo zabo emfundweni ephakeme.
“Akubukeki uma intsha seyibuya emfundweni ephakeme seyihola imali yomahlalela (R370), ngenxa yokwentuleka kwamathuba emisebenzi. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi intsha ithola amathuba kungakhathalekile ubulili, ibala noma nezindawo abaqhamuka kuzona,” esho.
