UKHALA NGOBUWULA BE-MK U-NTULI

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli ukhala ngobuwula beqembu elingahambisani nobuholi bakhe.ISITHOMBE: OTP
NOMCEBO NGEMA
UKHALA ngobuwula beqembu uMkhonto Wesizwe Party, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli, kulandela ukuthi lifake incwadi ethi ayibuthembi ubuholi bakhe njengoNdunankulu waKwaZulu-Natal.
UNtuli ukusho lokhu ngesikhathi ekumhlangano weLekotla, e-Archie Gumede eMayville, nathe kufana nokuthi bayabhibhidla ngoba bona akukho okubambekayo abakushoyo.
“Thina kulo hulumeni wokubambisana akukho esihluleka ukukwenza, ngoba sikwazile ukutakula eminye iminyango kahulumeni ebeyidonsa kanzima ezimalini. Sibeke abantu phambili njengoba sizovula amathuba emisebenzi. Sikwazile ukuthola abatshali zimali abazokwazi ukulekelela ekuthuthukiseni umnotho nokudala amathuba emisebenzi. Kumanje sinezingxogxo noTransnet, “ kubeka uNtuli.
Uthi bakuqinisekisile ukuthi yonke iminyango iyasebenza, zonke izingqinamba ababhekana nazo bakwazile ukuqhamuka nesisombululo.
“Njenge- IFP asiboni ukuthi lokhu abakwenzile bekunesidingo. Asifuni abantu baKwaZulu-Natal babe nohulumeni ongenalo uzinzo, uhulumeni opheka uthulule, ozolokhu ushintsha abaholi. Sizoqhubeka sixoxisane namanye amaqembu esinawo kulohumeni wokubambisana wesifundazwe ngenhloso yokugcina lohulumeni esendaweni ekahle,” kuchaza uNdunankulu.
Kuzokhumbuleka ukuthi iqembu loMkhonto Wesizwe KwaZulu-Natal lifake yesiphakamiso sokungamethembi uNdunankulu uMnu Thami Ntuli.
