Izindaba

BAYIGUBHE NGESITAYELA INYANGA YABESIFAZANE KWAKHIPHUNYAWO

UNGQONGQOSHE uMbali Shinga obevakashele abesifazane kwaKhiphunyawo. ISITHOMBE:KZNDSD

AKHONA DLAMINI

UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Shinga, uhambele kwaKhiphunyawo, kuWadi 3, ngaphansi kukaMasipala wasoPhongolo, lapho bekugujwa khona inyanga yabesifazane.

UMaShinga uthe lolu suku olukuqhakambisa umuntu wesifazane, nokubazisa ngezinhlelo zomnyango ezihlose ukubathuthukisa nokubasiza ukuthi bazimele kwezomnotho.

UShinga uthe usuku lwabesifazane akulona nje usuku, kepha luyithuba lokukhuthaza abesifazane ukuthi bathole amakhono, bazimele futhi babambe iqhaza ekuthuthukiseni imindeni nemiphakathi.

“Njengomnyango sigxile kakhulu ekuThuthukisweni koMphakathi, ukuze abantu besifazane bakwazi ukuzimela,” kusho uShinga.

Uqhube wathi bazoqhubeka nokusebenzisana nemiphakathi yasemakhaya, ukuze abesifazane bathole amathuba okuthuthukisa izimpilo zabo.