Uncategorised

IBHANGE ITHALA SELIXHASWE NGO-R300 MILLION

ANELE ZUMA

KUKHUPHUKE amathemba kulabo abebevalekelwe yizimali kwi bhange Ithala, kulandela ukungenelela kwahulumeni ngoxhaso luka R300 million.

Lokhu kumenyezelwe uhulumeni waKwaZulu-Natal, othe usuthathe isinyathelo sokuxhasa i-Ithala SOC Limited ngokunikela ngo-R300 million , ukuze kuqinisekiswe ukuthi le nhlangano iyaqhubeka nokusebenza ikwazi nokuzimela, ngesikhathi isalinde ukubuyiselwa amandla aphelele okusebenza.

Lesi sinyathelo silandela izinyanga ibhange libhekene nezingqinamba ngakwezezimali ngemva kokumiswa kokusebenza kwama akhawunti angaphansi kwalo, ngenkathi i-Prudential Authority ifake isicelo sokuqeda le nhlangano ngenyanga kaMasingana kuwo lonyaka.

Ngaleso sikhathi, uhulumeni kazwe lonke waqinisekisa isamba esisuka kuhulumeni esingu-R2.2 billion ukuvikela imali yababeki bezimali ngenkathi kuqhubeka izingxoxo zesixazululo .

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli umemezele ukuthi iSigungu Esiphezulu sesifundazwe sivumelene ngokuphelele ngalesi siphakamiso, ngesikhathi somhlangano okhethekile obubanjwe ngomhla ka-16 kuMandulo.
Leli phakethe lizoholela abasebenzi, izinkokhelo zomthetho, izikweletu kanye nezindleko zokusebenza ezibalulekile ngenkathi kuqedwa isu lokuhlelwa kabusha kwesikhathi eside.

“Lesi sipho sokuzinza siwuphawu oluqondile lokuzimisela kukahulumeni wethu ukuvikela izikhungo ezibalulekile,” kusho uNtuli, egcizelela isidingo sokuthi ababeki bezimali bakwazi ukufinyelela ezimalini zabo ngokushesha.

Izinkinga ze-Ithala ziqale lapho liphelelwa yisikhathi sokuxolelwa ngaphansi koMthetho Wamabhange, okuholele ekutheni i-Prudential Authority ivimbele ama-akhawunti, kwashiya abangaphezu kuka-250 000 bengakwazi ukuthola imali yabo. Yize isiqinisekiso sikahulumeni sehlise ukukhathazeka, le nhlangano ibisabhekene nobunzima bokukhokhela izindleko zansuku zonke.

UMnyango Wezezimali Wesifundazwe, uMnyango Wezomnotho, Ezokuvakasha Nezemvelo kanye ne-Ithala Development Finance Corporation banconywe ngokusebenza ngokuzikhandla ukuvikela inkampani.

Iziphathimandla zithi le mali ivulela isikhathi esengeziwe sokuphothula uhlelo lokuhlelwa kabusha oluzoqinisekisa ukuthi i-Ithala liyaqhubeka nokusebenzela imiphakathi yasemakhaya nasemalokishini .
UNdunankulu uchaze lesi sinyathelo njengokubaluleka okufanayo nezokungenelela ezake zenzeka emikhakheni yezempilo nemfundo.