
UYAVEVA UMNDENI WOMFUNDI OXOSHWE ESIKOLENI EBUYA ENTABENI
OWAMI THABETHE
UFUNA ubulungiswa umndeni womfundi oneminyaka eyi-16, kulandela ukuxoshwa esikoleni abefunda kusho iCosmo City, eGoli, ngenxa yokuthi ubuya entabeni.
Abazali bomfana bathe, indodana yabo yenqatshelwa ukubuyela esikoleni, ibuya entabeni kule nyanga.
“Nengane yethu inelungelo lokufunda. Esingakuqondi ukuthi kuphambene ngani ukusokwa wengane nesikole? Sicela abuyiselwe esikoleni,” kusho komzali ekhuluma nabakwa-eNCA.
UThishanhloko wesikole, uMnuz Eddie Maota, uziphikile lezi zinsolo, wathi umfundi akaxoshwanga.
Ngokusho kwesikole, umfundi webanga lesi-9 ushiye isikole ngomhlaka-8 kuMbasa, ethi uya entabeni waze wabuya ngemuva kwezinyanga ezine esephuthelwe nayizivivinyo zaphakathi nonyaka, wabuya ekupheleni kwekota yesithathu.
“Lo mntwana uphinda ibanga lesi-9 vele, akumele ngabe uphuthwa izifundo zakhe kangaka. Lokhu akuhambisani nhlobo nomthetho wezeMfundo, kodwa yize kunjalo asikaze simuxoshe umfundi esikoleni”, kubeka u Maota.
Ikomidi loMnyango wezokuBusa ngokuBambisana kanye neziNdaba zaboMdabu (COGTA) ePhalamende yaseGauteng, lithe liyaphenya ngalolu daba futhi lizodinga ukukhuluma nabaholi bendabuko ukuqinisekisa ukuthi ukusokwa kuhambisana nekhalenda lesikole ukuze abantwana bangaphuthelwa yisikole.
