ABAKWA-ESKOM BANYUSE IMIHOLO NGO-7%

ABAPHATHI bakwa-Eskom besayina isivumelwano sokunyusa imiholo yabasebenzi ngamaphesenti ayi-7 iminyaka emithathu ezayo.
ISTHOMBE: GOOGLE
PHUMELELE DLAMINI
KUPHELE ukungaboni ngaso linye phakathi kwa-Eskom nezinyunyana zabasebenzi , ngemuva kokuphothulwa kwesivumelwano sokunyusa imiholo yabasebenzi ngamaphesenti ayi-7 unyaka nonyaka eminyakeni emithathu, kusukela ngoNtulikazi ka-2026 kuya kuNtulikazi ka-2029.
Lolu hlelo luhlose ukuletha ukuthula nokunqanda iziteleka ezingase ziphazamise ukusebenza kwagesi ezweni.
“Siyajabula kakhulu manje ngoba asigcini nje ngokucacelwa izindleko esizobhekana nazo kuleminyaka emithathu ezayo, ngenxa yalesi sivumelwano kepha sesingakwazi ukuzinzisa abasebenzi bethu futhi sibazise ngesikufezile,” kusho iSikhulu sezabaSebenzi uDkt Candice Hartley.
Lokhu kunqanyulwa kwalezi zingxoxo kuletha ithemba elikhulu ekutheni abakwa-Eskom, sebezokwazi ukugxila ngokugcwele ekulungiseni imishini, nokuqinisekiseni ukuthi ugesi uhlale ukhona ngaso sonke isikhathi.
ISikhulu esiPhezulu saka-Eskom, uDan Morokane, sigcizelele ukuthi loku kuzinza kubalulekile ekudonseni abatshali zimali nokwakha kabusha isithunzi senkampanini, ukuze ibe namandla okufeza izinhlelo zayo zokuthuthukisa umnotho waseNingizimu Afrika.
