Uncategorised

I-DA IBHONGE EMSWANENI KWAZUNGU E-ADAMS

UHANIFF Hoosen nomholi we-DA uSthembiso Ngema bebehola ithimba ebeliyoduduza kwaZungu. ISITHOMBE: DA KZN

AKHONA DLAMINI

IQEMBU le-Democratic Alliance (DA) lidlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaZungu, kulandela ukudlula emhlabeni kukaCelani Zungu oshayiswa iloli likaMasipala weTheku, ngesikhathi lihambise amanzi e-AdamsMission ngoMsumbuluko.

Ogaqele isikhundla sobuMeya kuMasipala weTheku kwi-DA, uHaniff Hoosen, utheukushona kukaZungu kuveza inkinga eqhubekayo yokuphela kwamanzi ebhekene nezakhamuzi zakule ndawo.UHoosen Uthe uyazwelana kakhulu nalo mndeni, obhekene nobuhlungu obuyisimanga bokulahlekelwa umuntu obeyindodana, umalume nobhuti emndenini.

“Ukushona kukaZungu bekungeyona nje ingozi kuphela kodwa kuwumphumela wokuthi umphakathi uhlale ungenamanzi, ugcine usuthembela kwiloli eliletha amanzi. UZungu uzokhunjulwa njengomuntu obelwela ukuthi umphakathi uthole zonke izidingo eziwufanele. Okubuhlungu kakhulu ukuthi akupholiswanga maseko eshonile, amanzi abuye ngesikhulu isivinini ngaphambi kokufika kweMeya yeTheku nethimba layo. Lokhu kusho ukuthi inkinga yamanzi kule ndawo beyingagwemeka kalula,” kusho uHoosen.

I-DA ithe izoqhubeka nokufuna ubulungiswa kanye nomndeni wakwaZungu futhi iqinisekise ukuthi uMasipala weTheku ukubeka eqhulwini ukuthi izakhamuzi zithole amanzi ahlanzekile nezinye izidingo.