Uncategorised

KUQINISWE EYOKULWA NE-GBV NGESIKHUNGO I-RAPID RESPONSE GBV CENTRE

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, nePhini likaNgqongqoshe kuzwelonke, uMnuz Sihle Zikalala, bavule isikhungo esizoba umpheme wezisulu. ISITHOMBE: GCINA NDWALANE

LINDELWA MAGWAZA

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnuz Thamsanqa Ntuli, nePhini likaNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Sihle Zikalala, bavule ngokusemthethweni isikhungo iRapid Response Gender-Based Violence (GBV) Centre eWentworth, namuhla.

Bathe lokhu kuyisinyathelo okuhloswe ngaso ukuqinisa impi, yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane esifundazweni.UNdunankulu uNtuli uthe impi yokulwa nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane, akufanele ibekwe kuhulumeni kuphela kodwa idinga ukuthi umphakathi, amaphoyisa, izinhlangano zomphakathi neminye iminyango kahulumeni babambisane. Unxuse umphakathi ukuthi ungathuli uma kukhona izigameko zodlame, kodwa ubike ngokushesha ukuze izisulu zithole usizo, abenzi bokubi babhekane nengalo yomthetho.

“Lesi sikhungo sizoba yindawo ephephile lapho izisulu zodlame zizothola khona usizo, ukwesekwa nokubuyiselwa isithunzi sazo. Umkhankaso wethu iSilwa Nechilo udinga ukubambisana kwabo bonke abantu. Sonke sinomsebenzi wokuqeda udlame nokwakha imiphakathi ephephile,” kusho uNtuli.Uqhube wathi umkhankaso iSilwa Nechilo uzophumelela, uma wonke umuntu ebamba iqhaza ekwakheni imiphakathi ephephile futhi eqeda udlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane