UMSAKAZO UTHOLE INYONI YAMASI NGO-NDLOZI

UMBIKO:ZETHU PHOSWA
UNYELWE imana ezandleni umsakazo iPower FM, kulandela ukujoyinwa yilowo owayelunga le-EFF, eyilunga lephalamende aphinde abenguSomlomo wale nhlangano Dkt Mbuyiseni Ndlozi.
Lokhu kujoyina kukaNdlozi iPower FM, okulindeleke ukuthi azwakale emoyeni kulo msakazo ngenyanga ezayo uMashi, kwenzeke ngemuva kokuthi elagxaze iqembu kuhle kwenyongo yenyathi, wafaka incwadi yokwesula maqede wageqa amagula ngalokho obesekumhlalise kabi.
Abalandeli baNdlozi bathi babona kuzokuba nezithela ezinhle ukujoyina kukaNdlozi iPower FM ezokuba ngumethuli wohlelo Power Talks, njengoba kuyindoda enogazi kakhulu kubantu.
UNdlozi upotshoze lezi zindaba ngesikhathi ekhuluma noGiven Mkhari eGauteng izolo
Ngokusho kukaNdlozi uthi unesasasa elikhulu ngalo msebenzi wakhe owumacekeceke.
“Ngijabule kakhulu ukuthatha leli thuba lokuba ngumsakazi futhi ngizoqinisekisa ukuthi ngiletha ulozolo oluhlukile kubalaleli,” kusho uNdlozi.
Abaphathi bomsakazo baluqinisekisile lolu daba lukaNdlozi.
“Siyaziqhenya siyiPower 98.7 ngelunga lethu elisha uDkt Mbuyiseni Ndlozi. Sithole ulozolo kuNdlozi,” besho
