Uncategorised

ISIPHUZA KWACWEBILE IMIDLANDS WANDERERS

UMBIKO:ZETHU PHOSWA

UNGQONGQOSHE wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko uMnuz Mntomuhle Khawula ugcizelele ukuthi uMnyango wakhe uzoqhubeka nokuxhasa abenza kahle kwezemidlalo, unswinye abangena ngopotsho.
Lokhu ukudalule emcimbini wokuvalelisa Abafana Bebatha, iMidlands Wanderers FC njengoba ilungiselela ukuyodlala kumaNational play-offs ku-ABC Motsepe League eGauteng. “Kwezemidlalo umuntu akenze kangcono nathi simlekelele. Angeke sihlulwe abafana baseGoli, yini abanayo esingenayo? Nazi ezakwethu izimakwabo iMidlands Wanderers ziyogila izimanga eGoli”, kusho uKhawula.

Eqhuba, uKhawula unxuse iMidlands Wanderers ukuthi ilwele ukunqoba ku-ABC Motsepe Cup, ngenhloso yokunyukela kuNational First Division.
Ube esekhuthaza uMkhambathini FC owawubambene neWanderers kowamanqamu, ukuthi nayo ihlalelwe ithuba lokuya ezingeni eliphezulu kwi-season elandelayo.
Umqeqeshi uVincent Myeni, uzwakalise ukubonga ngokwesekwa yizinhlaka ezahlukene. Ngaphezu kwalokho, ubonge uMEC ngokufeza ukuzibophezela kwakhe ekuthuthukisweni kwezemidlalo