OWE-IZIKO UQHAKAMBISE ULIMI LWESIZULU

UMNTOMUHLE Mcambi ethula inkulumo embikisweni wezincwadi kowe-Ilembe
PRO NDLOVU
KUGQUGQUZELWE eyokunothisa ulimi nokusabalalisa ulimi kweyombukiso wezincwadi obizwa nge-ILembe Book Festival obubanjelwe eLuthuli Museum, KwaDukuza.
Lokhu kuvezwe UMuntomuhle Mcambi ngenkathi ethula inkulumo kulo mcimbi, obekuhloswe ngawo ukuqhakambisa isiko lokufunda nokubhala.
Uthi uma kuhlangenwe ngenhloso yokucobelelana ngolwazi ngolimi, kungakuhle kusetshenziswe ulimi lwethu ukuze kukhulunywe into ezoqondwa umuntu omnyama sikhuphulane sisodwa.
“Kubalulekile ukuthi uma sihlangene sisebenzise ulimi lomdabu ukuze sikhuphulane singabantu abamnyama, ngoba uma sisebenzisa ulimi lwesiLungu kunolwazi olugcina lungafinyeleli kahle kumuntu olalele obeluzomsiza agqugquzeleke ayizwe kahle lento ayifunayo,” kubeka uMcambi.
Uqhube wathi isizathu sokuthatha imicimbi efana nale iyiswe emakhaya, kusuke kuhloswe ngawo ukuletha ulwazi kubantu nokumele uqinisekise ukuthi lufinyelela kubo ngolimi lwabo.
“AbeLungu bakhulela emindenini ephila kahle futhi baluthole ulwazi kanye nezinsiza, manje sekuyisikhathi sethu sokuthi sifukulane siyisizwe esinsundu. Yingakho thina e-Iziko sigqugquzela ukubhala nokushicilela ngezilimi zomdabu zase-Afrika, ukuze silondoloze umlando wethu ngoba uma singakwenzi thina angeke sikwenzelwe ngezinye izizwe,” kuqhuba uMcambi. Lo mcimbi obekungokwesibili wenziwa ngempumelelo, ubungoMgqibelo mhla zingama-25 kuMfumfu futhi wethanyelwe nayintsha yendawo.
