Uncategorised

UNALEDI APHIWE UQOKWE KUMA-ALL AFRICA MUSIC AWARDS

UNALEDI Aphiwe oqhathwe nezinkakha kumunxa we-Best African Due kuma-All Africa Music Awards. ISITHOMBE: NALEDI

NOMCEBO NGEMA

UWUQALE ngezindaba ezimnandi unyaka ka-2026 uNaledi Aphiwe, kulandela ukuqokwa kwakhe kuma- 9th All Africa Music Awards (Afrima).

UNaledi uqokelwe kumunxa we-Best African Due/ Group in R&B, ngengoma ayenze noMawelele.
Kulomunxa uqhathwe nezinkakha zabaculi bakwamanye amazwe ase-Afrika, okubalwa uRema owahlabana ngendondo kuma-Grammy Awards ngonyaka ka-2024, uKunmie waseNigeria noManal waseMorocco.

UNaledi uthi zimjabulise kakhulu lezi zindaba zokuqokwa kwakhe.

“Ngesikhathi ngithola lezi zindaba ezimnandi angikholwanga, ngoba ngangingakaze ngizicabange ukuthi ngiyoke ngiqhathwe nabaculi abakhulu kangaka abafana noRema futhi ikakhulukazi kulomunxa we-Best African Artist.
Lokhu kuqokwa kwami kusho lukhulu kimina ngoba angeke ngisabizwa ngeciko eliyingane futhi eliyivukane endimeni yomculo.
Kulo nyaka sizosebenza ngokuzikhandla senze kakhulu lokhu esikuthandayo nokujabulisa abantu okungumculo,” kuchaza uNaledi.
Le ntokazi yaduma isafunda isikole njengoba waqopha ivideo esekilasini evumisa ingoma ethi “Mama Ubaba Ulala Nami.”

Le video yasabalala ezinkundleni zokuxhumana yaze yafinyelela phesheya kwezilwandle, kwisihlabani somculi weR&B esingaconsi phansi kwabaningi emhlabeni wonke jikelele uChris Brown.
UChris akagcinanga ngokuthanda ivideo kaNaledi, waphinde wayisebenzisa le ngoma enephimbo lalentokazi esencane kwenye yezingoma zakhe esihloko sithi Shooter.