Uncategorised

I-MKP IFUNA KUSHUSHISWE UMVIKELI WOMPHAKATHI

UMVIKELI woMphakathi uKholeka Gcaleka, iMKP efuna ashushiswe. ISITHOMBE: FACEBOOK

NOMCEBO NGEMA

IQEMBU Umkhonto Wesizwe Party (MKP), lifuna kushushiswe uMvikeli woMphakathi uKholeka Gcaleka, njengoba limsola ngokungaphathi kahle uphenyo lodaba lwePhala Phala, oluthinta uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa.

I-MKP ithi isibhalele ngokusemthethweni uSomlomo wePhalamende, uThoko Didiza isho ukuthi ifuna kuqalwe inqubo yokushushisa uMvikeli woMphakathi.
“Indlela ihhovisi likaMvikeli woMphakathi elabhekana ngayo nalolu daba yakhombisa ukuhluleka ukuvikela umthetho, ukwenza umsebenzi ngokuzimela, nangobulungiswa,” kusho iMKP kwisitatimende.

Lokhu kulandela ukutholakala kwemali yakwelinye izwe kusofa epulazini likaMengameli, iPhala Phala ngonyaka ka-2020.
Lolu daba selubange ukungaboni ngaso linye phakathi kwamaqembu ezepolitiki ngenxa yesinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo, esathi iPhalamende laphula umthetho ngesikhathi livimba inqubo yokuphenywa kuka-Ramaphosa ngonyaka ka-2022.

USomlomo wePhalamende ubengakasiphenduli isicelo se-MKP nokuthi kuzothathwa ziphi izinyathelo ngokulandelayo.