ITHEKU LICHAZE I-NATIONAL ARTS FESTIVAL NGOWESHASHALAZI

UMBIKO: ZETHU PHOSWA
UBUKISWE okokuqala kwiNational Arts Festival eMakhanda umdlalo, i-I Was Told, owawina iKwaZulu-Natal Provincial Theatre Festival.
Lo mdlalo odidiyelwe i-Vinland Creatives evela eThekwini, uphekwe ngaphansi kweso likaJavu Masibekela ebambisene noMusawenkosi Shabalala, elilulekwa nguMqondisi uJerry Pooe.
Okhulumela leliqembu uMusawenkosi Shabalala uthi lomdlalo wagqugquzelwa ekuqaleni konyaka ngesikhathi uMnyango wezemiDlalo, ezobuCiko Namasiko umema abanemidlalo yeshashalazi ukuthi bangenele umncintiswano.
Uthi kwathi uma bedla umhlanganiso bathola uxhaso lokuyokhombisa i-I Was Told, eMakhanda nokuwumbukiso omkhulu kunayoyonke yezeshashalazi.
uLilitha Solilo obuke lomdlalo uthe uwuthokozele ngoba uza nento ehlukile “Bekungathi ngibuka iWakanda yaphesheya noma umdlalo ka Ben Okri esteji njengoba lomdlalo unakho ukuba nobungcitha-buchopho, ukhuluma ngesikhathi sakudala esiqanjiwe, ezinsukwini lapho abantu behlala emahlathini.”
Umlingiswa ogqamile la inkunzimalanga yenkathazo engu-Kimbo Karuro owayethathekile ngobukhona bakho konke, okuhlanganisa uNkulunkulu ezweni elalibanqabela abantu ukuthi baliphathe igama likaNkulunkulu. Kulomdlalo sibona u-Kimbo elwela impilo yakhe njengoba ezama ukufakazela ubukhona bukaNkulunkulu.
“Empeleni lendaba ingeyase Afrika, futhi ingaba ngeya noma iyiphi indawo njengoba ikhuluma ngenkosana elwela ekholelwa kukho. Icala layo elikhulu kungukuzalwa umama oyisaliwakazi emzini. Ngingasho nje ukuthi lomdlalo umayelana nobuqhawe nethemba ” kusho uMsawenkosi Shabalala oyisekela lomqondisi walomdlalo weshashalazi.
“Ngenhlanhla yethu ababukelli bawuthande kakhulu umdlalo. Ngiyacabanga lokhu kwenziwa nayikuthi indaba igxile ekuhlonishweni nokunikwa amandla abesifazane kanye nokubheka iqhaza labesifazane ekwakheni isizwe”
Kule-festival kuneziteji ezahlukene ukubukisa imidlalo yamazinga ahlukene. Kulonyaka i-I Was Told ixhaswe uMnyango wezemiDlalo, ezobuCiko Namasiko ukusiza leliqembu ukuthi llithole ithuba lokuzimaketha
